ISITESHI SOKUSAKAZA SE-JW
Lalela Izinto Ezilalelwayo Nge-Roku
Ingxenye yeZinto Ezilalelwayo iqukethe izinto ezihlukahlukene ezilalelwayo, ezihlanganisa umculo, amadrama nokufundwa kweBhayibheli okusadrama.
(Phawula: Kukhona imidwebo ye-remote ye-Roku 3 kulesi sifundo. Kungenzeka ukuthi i-remote yakho ihlukile kancane.)
Khetha ingxenye ethi Izinto Ezilalelwayo ekhasini lokuqala leSiteshi Sokusakaza Se-JW ukuze ubone zonke izinto ezilalelwayo ezikhona. Landela lezi zinyathelo ezingezansi ukuze ulalele izinhlelo zezinto ezilalelwayo:
Lalela Uhlu Lwezinto Ezilalelwayo
Sebenzisa imicibisholo kuyi- remote ye-Roku yakho ukuze ukwazi ukubhekabheka ekhasini leZinto Ezilalelwayo. I-Details Bubble ibonisa isihloko sohlelo olukhanyisiwe nokuthi ludlala isikhathi eside kangakanani.
Imicibisholo Ekhombe Phezulu Naphansi: Ungahlola ngayo omunye umkhakha wezinto ezilalelwayo. Isihloko somkhakha sivela ngaphezu kwesiyingi ozosibona.
Umcibisholo Okhombe Kwesokudla Nokhombe Kwesobunxele: Bheka ngayo izinhlelo zezinto ezilalelwayo ezisemkhakheni othile.
Icebiso: Ingxenye ephezulu ngakwesokudla ibonisa ukuthi zingaki izinto ezilalelwayo ezikhona kulolo hlelo nokuthi iyiphi oyikhombile ngaleso sikhathi.
Chofoza u-OK ukuze ukhethe uhlelo olukhombile futhi ufake ikhasi elithi Audio Program Details. Khetha okunye kwalokhu okulandelayo:
Play: Dlala into elalelwayo kusukela ekuqaleni.
Pause: Yimise kancane.
Resume: Qhubeka udlale obukumisile kancane.
Phawula: Umshini uyokhumbula ukuthi into oyidlalayo elalelwayo ikuphi uma wena usesekhasini elithi Audio Program Details. Uma uke waphuma kuleli khasi, umshini ngeke usakhumbula ukuthi ubukuphi.
Play All in This Collection: Le ngxenye ikuvumela ukuba udlale zonke izinto ezilalelwayo ezikulolo hlu olukhethile, iqala ngento esuke ivelile ngaleso sikhathi.
Phawula: Okudlalayo kuyoma uma sekudlale konke okusohlwini olukhethile.
Lalela Uhlu Lwezinto Ezilalelwayo
Ngaphandle kokudlala into eyodwa elalelwayo, ungakwazi ukulalela zonke ezisohlwini. Ukuze ukwazi ukwenza lokhu, sebenzisa enye yalezi zindlela ezilandelayo:
Play All in This Collection: Ekhasini leZinto Ezilalelwayo, funa futhi ukhethe uhlelo ofuna ukululalela, bese ukhetha ingxenye ethi Play All in This Collection.
Play All: Khetha le ngxenye ukuze udlale zonke izinto ezikulolo hlu, uqala ngeyokuqala.
Shuffle: Khetha le ngxenye uma ufuna kudlale zonke izinto ezikhona ezilalelwayo kulolo hlu, zingangeni ngokulandelana.
Phawula: Okudlalayo kuyoma uma sekudlale konke okusohlwini olukhethile.
Lawula Indlela Izinto Ezilalelwayo Ezidlala Ngayo
Lapho uhlelo lwezinto ezilalelwayo ludlala, ungakwazi ukululawula nge-remote ye-Roku yakho ngale ndlela:
Pause: Misa kancane okulalele. Phinde ucindezele le nkinobho ukuze uqhubeke ulalele.
Fast Forward: Yiya phambili ngemizuzwana embalwa.
Rewind: Buyela emuva ngemizuzwana embalwa.
Icebiso: Bheka umugqa ongaphansi kwesithombe obonisayo ukuthi i-video isikuphi nokudlala ukuze ubone ukuthi uhamba ibanga elingakanani lapho ucindezela.
Umcibisholo Okhombe Kwesokudla: Dlulela entweni elalelwayo elandelayo (noma, uma ubukhethe ingxenye ethi Shuffle, ungawucindezela ukuze kungene noma iyiphi elandelayo).
Umcibisholo Okhombe Kwesobunxele: Buyela emuva entweni elalelwayo (noma, uma ubukhethe ingxenye ethi Shuffle, ungawucindezela ukuze kungene ebisidlalile).
Inkinobho Yokubuyela Emuva: Buyela ekhasini leZinto Ezilalelwayo.